Headlines

Ubuholi base uMgungundlovu District Municipality Kanye nabase uMshwathi badlulise izibusiso kwiZaguga ezineminyaka eyevile ku 100.

Ubuholi base uMgungundlovu District Municipality Kanye nabase uMshwathi badlulise izibusiso kwiZaguga ezineminyaka eyevile ku 100. Uthando lukaMeya yomkhandlu wesifunda uMgungundlovu uKhansela Mzi Zuma analo ngabantu abadala baseMgungundlovu alungatshazwa!

Sikhuluma nje kuleli viki iMeya ibinohlelo lokubungaza izaguga, omkhulu nogogo abaneminyaka eyevile ekhulwini besaphila abangaphansi koMkhandlu waseKhaya uMshwathi.

Lo mbungazo ubusekhaya labadala eMshwathi kwa ward 11 endaweni yase Gujini ,kanti ubuhanjelwe uMeya woMkhandlu uMshwathi uKhansela Mandla Zondi, uKhansela Mthoko Mbhele, uKhansela Dladla kanye nosihlalo wabantu abadala baseMgungundlovu uNkosikazi Zondi.

Lolu hlelo luqale ngaphansi koMkhandlu wasekhaya uMsunduzi eCaluza kwa ward 20, lapho kuvakashelwe ugogo uMaShezi Zondi onemnyaka eyikhulu nantathu, kube sekusukwa lapho amabombo alibhekisa ekhaya labadala eMshwathi nakuyila kubungazwe izaguga eziyisithupha ezineminyaka eyikhulu nangaphezulu, obekubalwa khona nentombi endala ugogo uBM Gcumisa owanikelelwa ngomuzi uMkhandlu uMshwathi ,kwathi uMeya uNxamalala uMzi Zuma wamnikelela ngempahla yasendlini, oneminyaka eyikhulu namashumi amabili nane ephila emhlabeni okunguye okubikwa ukuthi mudala kunazo zonke izaguga zaseMshwathi.

UMeya uNxamalala ube esefeza isithembiso sakhe asenza onyakeni owedlule kade evakashele lezi zaguga ukuzogubha usuku lokuzalwa lukababa uMandela, ukuthi uyofika azokudla nabo isidlo esimnandi sikakhisimusi abaphathele nezinto ezimnandi. Kube sekuya ngamagama enkehli ke lapho enikelele izaguga ngegilosa yasekhaya kwase kuthi laba esebefike eminyakeni eyikhulu abayisithupha bathola igilosa ehamba nezibiliboco.

Lo mcimbi uphethe kahle ngesidlo esimnandi, izaguguga zonke ebezikhona zaklonyeliswa ngegilosa yokudla kanti laba abayisithupha abaneminyaka eyikhulu kuyaphezulu bakonyeliswa ngezitifiketi, igilosa kanye nezibiliboco. IMeya yaseMshwathi ubaba uZondi ube esebongela izaguga ngokuthi uNkulunkulu azigcine zize zidle izinyoni zabantabazo.

Translate »