Bekuyinjabulo yodwa ngenkathi iMeya yaseMshwathi ubaba uMandla Zondi ebungaza namaqembu amabili ebhola lezinyawo asezodlala esigabeni esithe thuthu.

ISwayimane United Football Club isizodlala esigabeni se ABC Motsepe League kanti i Future Stars okuyiqembu labesifazane yona isizodlala esigabeni sesiFunda okuyi SAFA yaseMgungundlovu.

Ubaba uMeya ubongele lentsha kanye nabasunguli nabaqeqeshi ukuthi benze umsebenzi oncomekayo ukufukula ezemidlalo eMshwathi.

Uqhube wathi ezemidlalo zibamba elikhulu iqhaza ekulwisaneni nokusetshenziswa kwezidakamizwa kanye nophuzo oludakayo.