Luqalilile uchungechunge lokugubha inyanga yabesifazane eMshwathi.

Luqalilile uchungechunge lokugubha inyanga yabesifazane eMshwathi. Lo mgubho bewuqhubeka endaweni yaseThokozani ka Ward 1eMshwathi eholwa uCllr Gazi Mlobeli.

Bewuhanjelwe iminyango kaHulumeni eyahlukahlukene, kubalwa owezempilo, DSD,SASSA, SAPS, NPOs kanye neminye. Singebeshiye ngaphandle abantwana base Albert Falls P school abanandise ngezinhlobonhlobo zomculo wesintu.

USomlomo woMkhandlu waseMshwathi uMama uSibongile Mbatha-Ntuli ugeqe amagula ngenkathi ekhuluma nabantu besifazane.
Ubacele ukuthi bazigqaje ngikuba abesifazane, banakekelane bebodwa, bangahlebani, bangawukhohlwa umkhuleko lapho izimo zingahambi khona kahle.

baqhubeke nokunakekela abantwana babo noma ngabe sebebahlupha, babike emaphoyiseni uma kuba khona ukuhlukumezeka okwenzeka emakhaya nasemphakathini uphinde wanxusa ukuba bangalibali imisebenzi emihle abayenzelwa uhulumeni.