Isuke yahlala imidlalo yabasubathi baseMgungundlovu endaweni yase uMshwathi.

Lokhu Kwenzeka nje, ingoba isiqalile imidlalo imidlalo yabasubathi abazomela uMgungundlovu District eThekwini kwi Provincial youth run yangonyaka ka2023. USihlalo wenhlangano eyangamele ezemidlalo eMgungundlovu uMhlengi Maxase wo uMgungundlovu District Sport Confederation, uthe bajabule ngezinga elitshengiswe ilabasubathi abaqhamuka komasipala abayisikhombhisa ngaphansi ko-uMgungundlovu District Municipality.

Uthe ukholelwa ukuthi sebekulungele ukungenela lemidlalo futhi, bangakwazi ukuthi badle umhlanganiso walomqhudelwano kwazise ibona abagcina bewudlile ngonyaka ofile. Lomqhudelwano owabantu abaneminyaka esukela kweyi-16 kuya kwengu-19 yamabanga angango5 km kanye no10km.

“Lisijabulisile izinga elitshengiswe abasubathi bethu kulemidlalo yokuhlungela lemiqhudelwano, futhi siyakholelwa kakhulu kubona ukuthi bazobuya nazo lezi zicoco zalemqhudelwano kwazise ukwesekwa okwanele bayakuthola kubona bonke omasipala abangaphansi kwabo.

Sibonge kakhulu kumasipala wesifunda uMgungundlovu ukuthi usiseke kule midlalo kwazise ingeminye yemidlalo ebalulekile kwikhalenda laseMgungundlovu yezemidlalo”, kusho uMhlengi Maxase.

Khona manjalo uSekelameya waseMshwathi uMama uNokuthula Mdunge basho ngazwi linye beno Khansela waseMshwathi ka ward 2 uSK Nxumalo lapho bekubanjelwe khona lomqhudelwano. Bagqugquzele intsha ukuthi ingazihlukanisi ezemidlalo kanye nemfundo