Headlines

UMHLANGANO NGOKUDLULISWA KOMHLABA WASEMPOLWENI NGEMVA KOKUBAMBEZELEKA IMINYAKA ENGAPHEZU KWENGAMA-20.

uMshwathi, 24 Nhlolanja 2026 – uMshwathi Local Municipality ubambe umhlangano egumbini lomkhandlu kanye noMnyango Wezokulungiswa Komhlaba (Department of Land Reform and Rural Development) iMpolweni Oversight Committee, Ikhansela LeWadi kanye neKomiti leWadi ukuze kuxoxwe ngokubambezeleka kokudluliselwa komhlaba waseMpolweni emphakathini.

Inqubo yokudluliswa komhlaba isibambezeleke iminyaka engaphezu kwengama-20. Ikomidi Elibhekelele licele uMasipala ukuthi angenelele ukusiza ukuthola imbangela yokubambezeleka nokuthola isixazululo.

Umhlangano uholwe uMphathi kaMasipala uBaba uMafezwe Khanyile, oveze ukuthi uMasipala uzimisele ukusiza ukuze abantu kuzo zonke izigceme eziyi-14, okubalwa kuzo neWadi 10 eMpolweni, bakwazi ukuhlomula ezinhlelweni zokwakhiwa kwezindlu ezizayo.

Enye yezinto ezibalulekile ezixoxiwe kube ukuqokwa komhloli womhlaba oqeqeshiwe ozokala futhi aqinisekise imingcele yomhlaba. Ngemuva kwalokho kuzolungiswa umdwebo wokuqala womhlaba bese uthunyelwa eKomidini elibhekelele iMpolweni ukuze uvunywe.

Kuvunyelwene ukuthi kuzobanjwa omunye umhlangano ezinyangeni ezimbili ezizayo ukuze kutholakale umbiko ngokuqokwa komhloli womhlaba kanye nenqubekela phambili yomdwebo womhlaba. UMasipala uphinde wathi uzimisele ukusiza ngamamephu noma nganoma yiluphi usizo oludingekayo.

Translate »