Namhlanje ubuholi bukaMaspala waseMshwathi buholwa uSomlomo uMama uMbatha-Ntuli buhlanganise izinhlaka ezihlanganisa ubuholi bemboni yamatekisi, uMshwathi Farmers Association kanye nabaphathi nonjiniya bakwa Department of Transport ukuzobonisana ngenkinga ngomgwaqo ovaliwe osuka eMshwathi oya eDalton ngenkinga yebhuloho elalinyazwa izimvula. Lomgwaqo uphazamisa umnotho kaMaspala kanye nomphakathi okuhlanganisa nezikole ezizovulwa ngesonto elizayo.


Onjiniya bomnyango wezokuthutha balibhekile ngenhloso yokubona ukuthi ungavulwa yini umzila owodwa ukuze kuhambeke balawula ukuthi liyingozi angeke livulwe. Kube sekuvunyelwana ukuthi kuzovulwa upotsho omusha ozoba mfishane kunalona okhona njengamanje ozovuleka ngokwenele ukuthi ziphambane izimoto, amatekisi kanye namaloli futhi ozokwenza zingabhajwa izimoto.



Lopotsho uzoqala ukwakhiwa ngoLwesibili oluzayo ungase uthathe isikhathi esingangesonto ukuwenza kahle. Ibhuloho lona lizoqalwa phansi lingase liphele maphakathi nonyaka.



