Ugadle ibuya uNgqongqoshe wezeZindlu nokuHlaliswa kwabantu uBaba Sipho KK Nkosi. Phela akukakapheli nsukuku zingaki lo Ngqongoshe kade ela eMshwathi,waqala wafika ezonikezela ngezindlu zamasosha ezika Ward 9 eTrust Feed oholwa uKhansela Fastiz Mbongwe, waphinda wagaleleka eThokozani ka Ward 1, ezonikeza abantu amatayitela ezindlu.

Namhlanje ugaleleke ngezinkani ezokwethula ngokusemthethweni ugesi welanga osufakwe kulezi zindlu zamasosha.

Uphinde wadlulela endaweni yase Cool Air ka Ward 7 oholwa uKhansela uSibongile Mbatha-Ntuli. Lapha ufike wakhipha amatayitele adlulile ku 600 enikeza abantu abakhelwe uHulumeni izindlu.


USomlomo womkhandlu waseMshwathi ophinde abe iKhansela lakule Wadi ukhumbuze abantu abebengcwele bephuphuma eHholo lase Cool Air ukuthi uHulumeni uyasebenza ngempela,lapho esho ebala neminye imisebenzi eyizinkulungwane esiyenziwe ilo Hulumeni obusayo.

