UNdunankulu wakwa Zulu-Natal uMama uNomusa Dube-Ncube uhambele izindawo ezahlukene eMshwathi. UNdunankulu ubephelezelwa oNgqongqoshe beminyango yakhe, kubalwa uBaba u Super Zuma, HoD yaka DSD u Mrs N.I Vilakazi, iMeya yaseMgungundlovu District ubaba uMzi Zuma, iMeya yaseMshwathi ubaba uMandla Zondi, amaKhansela aseMshwathi eholwa uSomlomo umama uSibongile Mbatha Ntuli, uMkhandlu weNkosi yaKwaSwayimane, iminyango kaHulumeni ehlukahlukene.

Leli thimba lihambele indawo yaka Ward 3 ,enakntolo yeNkosi uNdlovu ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi ngabe iNkantolo yeNkosi uNdlovu yakhiwe ngokusezingeni elifanele yini.
Kuphindwe kwahanjiswa izimpahla zasendlini ka Ward 7 , e Cool Air eholwa ngu Cllr Sibongile Mbatha-Ntuli.

Akugcinwanga lapho, ithimba liqhubekele endaweni yaKwaSwayimane , kaWard 11 kwi Disability Skills Centre esisemaBheleni ,lapho khona umeya encome imisebenzi yezandla eyenziwa abantu abakhubazekile.

Ithimba libe seliqhubekela kwisakhiwo sabantu abadala eGujini.

Lo mjikekelezo uphethe endaweni yaka Ward 12 eNdlebezembuzi Sport field lapho khona uNdunankulu ekhulume nezinkumbi zabantu. Ube esekhipha izinsizakusebenza ezihlukene, kubalwa ezokulima, ama voucher okudla, ama laptops anikezwe izikole kanye nokunye.



