Umphakathi waseMshwathi ujabule kakhulu ukuthola ithuba lokukhuluma ngqo neziPhathiswa zaHulumeni embizweni ye – sabelomali sehhovisi elibhekele ezezimali kwisifundazwa sakwaZuluNatal eliholwa uMama uPergy Nkonyeni. Le mbizo beyiseMshwathi endaweni yakwaSwayimane kaward 11 endaweni yaseMehlwenkosi.
Kule mbizo bekudingidwa ukwabiwa kwezimali ezihlelelwe ukuletha intuthuko kubantu.
Le mbizo beyihanjelwe uNgqongqoshe wezokugcinwa kwezemali uMama uPeggy Nkonyeni, iMeya yesifunda uMgungundlovu District Municipality ukhansela Mzi Zuma, uSomlomo wesifunda uMgungundlovu uKhansela Nonhlanhla Gabela, iMeya yaseMshwathi uKhansela Mandla Zondi, uSekelameya waseMshwathi uMama uNokuthula Mdunge, uSomlomo waseMshwathi uMama uSibongile Mbatha Ntuli obehola wonke amaKhansela aseMshwathi, oMeya kanye namaKhansela akwabanye oMasipala abakhele uMgungundlovu kanye namaKhosi ahlukahlukene angaphansi koMgungundlovu.
IMeya yaseMshwathi ubaba uMandla Zondi wamukele zonke izihambeli ebezikhona , ube esethola ithuba lokusika elinjakayo lokukhumbuza abantu ukuthi uHulumeni usebenza ngokubambisana ezinhlakeni zonke, uqhube wathi uMkhandlu waseMshwathi kade ukhona kuyona lendawo uzothula isabelozimali nentuthuko edidiyelwe.
Ngaphambi kokuthula uMama uPeggy Nkonyeni, Umeya uMzi Zuma uye watha ithuba lokuba aphendule eminye imbizo ebibuzwe umphakathi.
Ephendula imibuzo yomphakati , uthe uhulumeni uzoluthathela phezulu udaba lwezikhungo zokuholela izaguga, lesi isikhalazo estholaka ezindaweni eziningi njengoba izikhungo seziqhelile ezindaweni ekuhlala kuzo abaholayo, kanti nalabo ebekade bedayisa ngaphandle sebangawatholi amathuba ukuba nabo babe yingxenye yokukhulisa umnotho
i- District Development Model iwuhlelo lapho izinhlaka zahulumeni ngokuhlukana kwazo zihlala ndawonye ukuze zikwazi ukubhekana ngqo nezidingo zomphakathi zentuthuko . Kantu futhi uhlelo lokusebenza olubizwa ngokuthi i_One Plan selakhiwe kulesisiFunda. uNxamalala uphinde wathi kumele umphakathi ubambisane namaphoyisa ekulweseni nobugebengu ngoba angeke anqobe eyedwa uHulumeni. Unxuse obaba kanye nezinsizwa zendawo ukuba zibumbane ngokulwa nobugebengu ngoba obunye obungebengu benzakala emakhaya njengokuhlukunyezwa komama nezingane. Intuthuko izoza igalela endaweni yaseKupholeni njengoba kuzothi kulungiswa umgwaqo kube kufakwa I production borehole . lapho umphakathi uzokwazi ukuthola amanzi kalula eduzane.
uNgqongqoshe uthe ungu 143 billion imali isiyonke ye service delivery kulesisiFundaze.
IMeya yaseMshwathi uBaba uZondi ube esenxusa luthathelwe phezulu udaba lokungabi bikho kwe network endaweni yakwaSwayimane. Uqhube wanxusa umphakathi ukuthi nawo awupheze ukuthatha ngokungekho emthethweni ama betry afakwe afakwe kumathawa.
USomlomo wase Mgungundlovu uMama uNonhlanhla Gabela, ubonge kakhulu ngalelithuba lokuba umphakathi waseMshwathi ulethe izikhalazo kuNgqongqoshe wezokugcinwa kwezimali.
Uyewadlulisa ukubonga kakhulu kuMakhosi abe ekhona njengoba ebephume ngobuningi.