Ibe impumelelo imbizo yokuthulwa kohlahlomali Kanye nentuthuko edidiyelwe ebibanjwe eMshwathi eMehlwenkosi sports ground kaWard 11.

UMeya walo mkhandlu uMnu Mandla Zondi obehamba naMakhansela akuloMasipala eholwa uSomlomo uMama Sibongile Mbatha-Ntuli. UMeya wethule izimenenja ezingabaphathi beminyango kaMasipala ebeziholwa uMasipala Manager uMnu Nhlanhla Mabaso.

UMeya uBaba uZondi wethule izimali ezibekelwe ukwenza yonke imisebenzi kamasipala kulo nyaka wezimali ozoqalwa. Phakathi kwezinhlelo ezibaluliwe isamba semali yokulungisa imigwaqo Kanye nezakhiwo . Uphinde wabala nenkece yokuthuthukisa izinhlelo zabantu abasha kubalwa kuyo imifundaze, ukuthuthukisa amakhono, ezemidlalo Kanye nokunye .

Abantu abasha bakulo Mkhandlu bathokozele ukuzwa ukuthi ayikho iwadi engezoba nayo Indawo ene WiFi yamahhala njengoba isifakiwe emaHholo onke akaMasipala.Azisalanga ngaphandle izinhlelo zokuthuthukisa abantu abadala Kanye nabakhubazekile. Izinhlelo zokuthuthukisa osomabhizinisi abasakhula nazo zibe nesabelo zimali zakhona. uMeya ubalule ukuthi bazoqhubeka nokusebenzisana neminye iminyango kaHulumeni ukuletha intuthuko kubantu